1 kwabaseKorinte 10:13-14
1 kwabaseKorinte 10:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela. Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, balekelani ukukhonza izithombe.
1 kwabaseKorinte 10:13-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala. Ngakho-ke, bathandekayo bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
1 kwabaseKorinte 10:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala. Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
1 kwabaseKorinte 10:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)