1 iziKronike 21:1-17

1 iziKronike 21:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USathane wamelana no-Israyeli, wamyenga uDavide ukuba abale u-Israyeli. UDavide wathi kuJowabe nakubaholi babantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBheri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe inani labo kimi ukuze ngazi ukuthi ungakanani.” UJowabe wathi: “USimakade makenezelele kubantu bakhe kuphindwe kayikhulu. Nkosi yami, nkosi, kanti abasizo yini izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani ukwenza lokhu na? Kungani ifuna ukuba yimbangela yecala ku-Israyeli na?” Izwi lenkosi nokho lamehlula uJowabe. UJowabe waphuma walihamba lonke elakwa-Israyeli waze wayofika eJerusalema. UJowabe wamnika uDavide inani labantu ababebaliwe. Esewonke u-Israyeli wayeyisi-1 100 000 ababengaphuma baye empini, uJuda yena eyizi-470 000. AbaLevi nabakwaBhenjamini abazange babalwe, ngokuba uJowabe wayecunulwe yizwi elalikhishwe yinkosi. Lokhu kwakukubi phambi kukaNkulunkulu, ngalokho-ke wamjezisa u-Israyeli. UDavide wayesethi kuNkulunkulu: “Ngonile kakhulu ngale nto engiyenzileyo. Manje Simakade, ake uthethelele inceku yakho icala elenzileyo, ngokuba ngenzile ubuwula obukhulu.” USimakade wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi: “Hamba uyokhuluma noDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Nginezinto ezintathu engizibeka phambi kwakho; khetha ibe yinye kuzo ukuba ngikwenzele yona.” ’ ” UGadi wafika kuDavide, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Zikhethele noma kube yiminyaka emithathu yendlala, noma izinyanga ezintathu unqotshwa yizitha zakho ngenkemba yazo, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaSimakade nobhubhane ezweni, ingelosi kaSimakade ibhubhisa kulo lonke elakwa-Israyeli. Manje-ke qoka, lizwi lini engiyakulibuyisela kongithumileyo na?’ ” UDavide wathi kuGadi: “Ngidabuka kakhulu; kungcono mangiwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu, kunokuba ngiwele esandleni somuntu.” USimakade wathumela ubhubhane kwa-Israyeli, kwafa abantu abayizi-70 000 kwa-Israyeli. UNkulunkulu wathumela ingelosi eJerusalema ukuba ilibhubhise. Kwathi lapho isabhubhisa uSimakade wabuka, wazisola ngale nhlekelele, wathi engelosini eyayibhubhisa: “Sekwanele manje, finyeza isandla sakho.” Ingelosi kaSimakade yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani, umJebusi. UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso. UDavide wathi kuNkulunkulu: “Akumina yini owayaleza ukuba kubalwe abantu na? Yimi engonileyo, ngenze okubi kakhulu, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Simakade Nkulunkulu wami, masijezise mina nendlu kababa, hhayi laba bantu bakho obashaya ngobhubhane.”

1 iziKronike 21:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli. UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.” UJowabe wathi: “UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani le nto na? Iyakuba yicala ngani ku-Israyeli na?” Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe. UJowabe waphuma, wadabula wonke u-Israyeli, wafika eJerusalema. UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo; wonke u-Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungwane eziyikhulu abahloma inkemba; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa. Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe. Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli. UDavide wayesethi kuNkulunkulu: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.” UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi: “Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ” UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.’ Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.” UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.” UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa. UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini echithayo: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi. UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo. UDavide wathi kuNkulunkulu: “Akusimi yini owayaleza ukuba abantu babalwe na? Yimina engonileyo; ngenze kabi kakhulu, kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami, masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, singabi phezu kwabantu bakho ukubashaya ngesifo.”

1 iziKronike 21:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USathane wavukela u-Israyeli, wamlinga uDavide ukuba abale u-Israyeli. UDavide wathi kuJowabe nasezinduneni zabantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani; nilethe kimi inani labo, ukuze ngilazi. Wathi uJowabe: “UJehova makenze abantu bakhe ngokuphindwe kayikhulu kunabo; kodwa, nkosi yami, nkosi, zonke azizona izinceku zenkosi yami na? pho, inkosi yami ifunelani lokhu na? izakuba yisiphambeko sikaIsrayeli ngani? Kepha izwi lenkosi lamahlula uJowabe. UJowabe wayesesuka, wadabula u-Israyeli wonke, wafika eJerusalema. UJowabe wasemnika uDavida inani lenani labantu. Bonke kwa-Israyeli babeyinkulungwane nekhulu lamadoda ahloma inkemba, futhi uJuda babe yizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisithupha abahlome inkemba. Kepha uLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe. Kwaba kubi kuNkulunkulu ngale ndaba; ngalokho wamnqoba u-Israyeli. UDavide wayesethi kuNkulunkulu: “Ngonile kakhulu, ngokuba ngenze lokho; kepha manje susa ububi benceku yakho; ngoba ngenze izinto ezinengi zobuthutha. UJehova wakhuluma kuGadi, umboni kaDavide, wathi: Hamba utshele uDavida uthi: Itsho njalo iNkosi: Ngikubekela izinto ezintathu: zikhethele eyodwa kuzo, ukuze ngiyenze kuwe. UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Zikhethele; Noma iminyaka emithathu yendlala; noma izinyanga ezintathu ukuchithwa phambi kwezitha zakho, inkemba yezitha zakho ikufice; noma izinsuku ezintathu inkemba kaJehova, isifo esiwumshayabhuqe ezweni, ingelosi kaJehova ichitha kuzo zonke izifunda zakwa-Israyeli. Ake nginitshele ukuthi yizwi lini engiyakulibuyisela kongithumileyo. UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; mangiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu, kepha mangingaweli esandleni somuntu. UJehova wayesethuma isifo kwa-Israyeli, kwawa abantu bakwa-Israyeli abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa. UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukuba ilichithe; kwathi esachitha, uJehova wakubona, wazisola ngobubi, wathi engelosini echithayo: “Kwanele, bamba isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi esibuyeni sika-Orinani umJebusi. UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso. UDavida wasesithi kuNkulunkulu: Kakusimi yini owalaya ukuthi abantu babalwe? mina yimi ngonile ngenza okubi impela; kodwa lezi zimvu zenzeni? isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami, masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa; kodwa hhayi kubantu bakho, ukuze bahlushwe.