KwabaseRoma 14:1-13

KwabaseRoma 14:1-13 CZB24

Obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kodwa kungabi ngokuphikisana. Ngokuba omunye ukholwa ukuthi angadla konke; omunye obuthakathaka udla imifino. Odlayo makangadeleli ongadli; futhi ongadliyo makangahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele. Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? ukuma noma ukuwa enkosini yaso. Yebo, uyakuphakanyiswa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okummisa. Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke. Yilowo nalowo makaqiniseke kweyakhe ingqondo. Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho ozifela yena. Ngokuba noma siphila, siphilela iNkosi; noma sifa, sifela iNkosi; ngakho-ke noma siphila, noma sifa, singabeNkosi. Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo. Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Kuphila kwami,” isho iNkosi, “amadolo onke ayakuguqa phambi kwami, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu. Ngakho-ke yilowo nalowo kithi uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho-ke masingabe sisahlulelana, kepha kunalokho yahlulelani lokhu, ukuba kungabikho obeka isikhubekiso noma isikhubekiso endleleni yomzalwane.