IsAmbulo 22:12-21

IsAmbulo 22:12-21 CZB24

Bheka, ngiyeza masinyane; nomvuzo wami ukimi, ukumnika yilowo nalowo njengomsebenzi wakhe. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, owokuqala nowokugcina. Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango. Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga. Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo. UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle. Ngokuba ngiyafakaza kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi, uma umuntu enezela kulezizinto, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshwe kule ncwadi; Futhi uma umuntu esusa kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe encwadini yokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokho okulotshiwe kule ncwadi. Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Nempela ngiyeza masinyane. Amen. Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.