Amahubo 17:6-9

Amahubo 17:6-9 CZB24

Ngikhala kuwe, ngokuba uyakungilalela, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, ulalele izwi lami. Bonisa umusa wakho omangalisayo, wena okhulula abathembela kuwe ngesandla sakho sokunene kulabo ababavukelayo. Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungifihle ngaphansi komthunzi wamaphiko akho, Kubabi abangicindezelayo, nasezitheni zami ezibulalayo ezingihaqileyo.