Amahubo 14:1-3

Amahubo 14:1-3 CZB24

Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle. UJehova wabuka esezulwini abantwana babantu ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu. Bonke basuka, bangcola bonke kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.