Benza ithole eHorebe, bakhuleka esithombeni esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo yabo yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe; Izimangaliso ezweni likaHamu nezinto ezesabekayo oLwandle Olubomvu. Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.
Funda Amahubo 106
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 106:19-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo