Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni. Nakuba nami bengingaba nethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokuthenjwa enyameni, mina kakhulu. Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi; ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala. Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu; njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa
Funda KwabaseFilipi 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseFilipi 3:3-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo