UNumeri 33:37-42

UNumeri 33:37-42 CZB24

Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori emaphethelweni ezwe lakwa-Edomi. U-Aroni umpristi wenyukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane wokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli eGibithe ngolokuqala lwenyanga yesihlanu. U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu ekufeni kwakhe entabeni yaseHori. UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli. Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalmona. Basuka eSalmona bamisa inkamba ePhunoni.