Wabuye wangena esinagogeni; kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabene.
Basebemqaphela ukuthi uzamsilisa yini ngesabatha; ukuze bambeke icala.
Wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma uye phakathi.”
Wathi kubo: Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle kumbe okubi? ukusindisa impilo, kumbe ukubulala? Kodwa bathula.
Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.
Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani.
Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle;
naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani; nangaseTire naseSidoni, isixuku esikhulu, sesizwile ukuthi kukhulu akwenzayo, seza kuye.
Wasekhuluma kubafundi bakhe ukuthi umkhunjana umlinde ngenxa yexuku, hlezi bammpitshe.
Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.
Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Wasebalaya kakhulu ukuthi bangamenzi aziwe.
Wasesenyukela entabeni, wabiza labo ayebathanda; beza kuye.
Wasemisa abalitshumi lambili, ukuthi babe laye, lokuthi abathume ukuyatshumayela;
nokuba namandla okwelapha izifo, nokukhipha amademoni;
USimoni amqamba ngokuthi uPetru;
noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; wabaqamba ngokuthi uBowanerges, okungukuthi, amadodana okuduma;
noAndreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,
NoJuda Iskariyothe owamkhaphelayo, bangena endlini.
Isixuku sabuye sabuthana, baze bahluleka ngisho nokudla isinkwa.
Kwathi abangabakhe bekuzwa baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi: Uyahlanya.