Marku 14:1-26

Marku 14:1-26 CZB24

Emva kwezinsuku ezimbili kwakukhona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale. Kodwa bathi: Kungabi ngomkhosi, hlezi kube khona isiyaluyalu ebantwini. Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu; wahlephula umfuma, wamthela ngawo ekhanda. Kwakukhona nabathukuthela phakathi kwabo, bathi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na? Ngokuba la mafutha ngabe athengiswe ngawodenariyu abangaphezu kwamakhulu amathathu, kuphiwe abampofu. Basebekhonona ngaye. UJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Wenze umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo, futhi noma nini lapho sukuba nithanda, ningabenzela okuhle, kepha mina aninami njalo. Wenze abengakwenza; useze wagcobela umzimba wami ukungcwatshwa. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye. UJudasi Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, waya kubapristi abakhulu ukuze amkhaphele kubo. Sebezwile bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wasedinga ukuthi angamkhaphela njani ngesikhathi esifaneleyo. Kwathi ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo, lapho kuhlatshwa khona iphasika, abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siye sikulungiselaphi ukuba udle iphasika na? Wathuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzini, khona niyakuhlangana nomuntu ethwele imbiza yamanzi; Lapho engena khona, anothi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi: Iphi ikamelo labavakashi, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na? Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elenziwe lalungiswa; Abafundi bakhe basebephuma, baya emzini, bafumana kunjengokutshilo kwakhe kubo, balilungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile wafika nabayishumi nambili. Kwathi behlezi bedla, uJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu odla lami uzangithengisa. Base beqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye ngamunye: “Kungabe yimi na? omunye wathi: Yimi yini? Wasephendula wathi kubo: Ngomunye wabalitshumi lambili, ocwilisa lami esitsheni. INdodana yomuntu iyamuka impela, njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekungaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga. Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: Thathani, lidle: lokhu kungumzimba wami. Waseyithatha inkezo, wabonga, wabanika, baphuza kuyo bonke. Wasesithi kubo: Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elichithelwa abanengi. Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.

Funda Marku 14

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 14:1-26