Kwathi ekuseni bedlula, babona umkhiwane womile kusukela ezimpandeni. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile. UJesu waphendula wathi kubo: Yibani nokholo kuNkulunkulu. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Suka, uphonseke elwandle;’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akutshoyo kuyenzeka; uzakuba lalokho akutshoyo. Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho. Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu. Base befika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, kwafika kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga; Bathi kuye: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya lokwenza lezizinto? UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza umbuzo ube munye, ningiphendule, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu na? ngiphendule. Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi: Pho, anikholwanga nguye ngani na? Kodwa uba sisithi: Kubantu; besaba abantu, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela. Base bephendula, bathi kuJesu: “Asazi. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
Funda Marku 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 11:20-33
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo