Mathewu 6:1-18

Mathewu 6:1-18 CZB24

Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini. Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene; ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni, noYihlo obona ekusithekeni uyakukuvuza. Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala. Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye. Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke; Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen. Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu. Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho; ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni

Funda Mathewu 6

Video for Mathewu 6:1-18