Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. Wayesephendula uPetru, wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya. Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni. Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu. Wasondela uJesu, wabathinta, wathi: Sukumani ningesabi. Sebephakamisa amehlo abo, ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.
Funda Mathewu 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 17:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo