Mathewu 14:22-32

Mathewu 14:22-32 CZB24

Khona masinyane uJesu wacindezela abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, yena esamukisa izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile wayeyedwa lapho. Kepha umkhumbi wawususukile elwandle, unyakaziswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene. Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle. Kuthe abafundi bembona ehamba phezu kolwandle, bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi. UPetru wamphendula wathi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi. Wasesithi: Woza. Futhi lapho uPetru ehla emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, ukuya kuJesu. Kodwa ebona umoya wesaba; eseqala ukutshona wakhala wathi: Nkosi, ngisindise. Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na? Sebengenile emkhunjini, umoya wanqamuka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 14:22-32