Mathewu 1:20-24

Mathewu 1:20-24 CZB24

Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele. Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi. UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthathela umkakhe

Funda Mathewu 1

Ividiyo ye- Mathewu 1:20-24