Wasebizela ndawonye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke, nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukuthi bashumayele umbuso kaNkulunkulu, baphulukise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali; futhi ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani khona, nimuke lapho. Lalowo ongayikunamukela, anothi niphuma kulowo muzi, nivuthulule nothuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi kubo. Base bemuka, badabula imizi, beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.
Funda Luka 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 9:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo