Kwathi ngolunye usuku wangena emkhunjini kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle. Base bephuma. Kwathi besahamba ngomkhumbi walala ubuthongo; basebegcwaliswa ngamanzi, baba sengozini. Basebesondela bamvusa, besithi: Nkosi, nkosi, siyabhubha. Wasevuka, wawukhuza umoya lokuzanyaza kwamanzi; Wathi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na? Besaba bamangala, bathi omunye komunye: “Umuntu onjani lo? ngoba uyala ngisho imimoya namanzi, futhi kuyamlalela.
Funda Luka 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 8:22-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo