Kwathi ekubona lokho umFarisi owayembizile, wakhuluma phakathi kwakhe, wathi: “Lona, ukuba ubengumprofethi, ngabe uyazi ukuthi ungubani nokuthi unjani owesifazane omthintayo, ngokuba uyisoni. UJesu waphendula wathi kuye: Simoni, ngilelizwi kuwe. Wathi: “Khuluma, Mfundisi. Kwakukhona umtshelekisi othile owayenezikweletu ezimbili; Kwathi bengenanto yokukhokha, wabathethelela bobabili. Ngitshele-ke, yimuphi kubo oyakumthanda kakhulu na? USimoni waphendula wathi: Ngithi ngulowo amthethelela kakhulu. Wathi kuye: Wahlulele kahle. Wayesephendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: Uyambona lona wesifazane? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo zami, kepha yena uzigezile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe. Awunganganga, kepha lona wesifazane, selokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lona wesifazane ugcobe izinyawo zami ngamafutha. Ngakho-ke ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe; ngokuba wayethanda kakhulu, kepha othethelelwa okuncane, uthanda kancane. Wathi kuye: “Izono zakho zithethelelwe. Labo ababehlezi naye ekudleni baqala ukukhuluma bodwa, bathi: “Ngubani lo othethelela nezono na? Wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula.
Funda Luka 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 7:39-50
6 Days
If Jesus were on board with every idea His followers have staked His claim in, then He’d be one incredibly confused Son of God, always at odds with Himself and overly busy leading the charge for both sides of every debate. Thankfully, Jesus speaks for Himself. You can read His words in this new Life.Church Bible Plan to accompany Pastor Craig Groeschel’s message series, Things Jesus Never Said.
24 Days
The birth of Christ, His advent, marks God's ultimate plan for our redemption. In Christ, we see the fullest picture of God's hope, peace, joy and love. God's Word is the truth by which we know and walk with Him daily. It is our hope that this guide will encourage and facilitate personal time spent in the Word and provide a resource for families with children to do that together.
7 Days
A blind beggar crying out desperately by the side of the road, an immoral woman despised as dirty by polite society, a corrupt government employee hated by all – how could any of these people from society’s fringes hope to connect with a holy God? Based on insights from the book of Luke in the Africa Study Bible, follow Jesus as he bridges the gap between God and the marginalized.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo