Johane 4:13-26

Johane 4:13-26 CZB24

UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha. UJesu wathi kuye: “Hamba, ubize indoda yakho, uze lapha. Owesifazana waphendula wathi: Kangilandoda. UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: Anginandoda; Ngokuba ubunamadoda amahlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho; Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena. Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona. UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema. Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda. Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bamelwe ukukhuleka ngomoya nangeqiniso. Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; UJesu wathi kuye: Mina engikhuluma lawe nginguye.

Funda Johane 4