Kepha uTomase, omunye wabayishumi nambili, othiwa uDidimu, wayengekho kubo mhla efika uJesu. Ngakho abanye abafundi bathi kuye: Siyibonile iNkosi. Kodwa wathi kubo: Ngaphandle kokuthi ngibone ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, ngeke ngikholwe. Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina. Khona wathi kuTomase: Letha lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami, ungabi ngongakholwayo, kodwa okholwayo.
Funda Johane 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 20:24-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo