Johane 20:1-31

Johane 20:1-31 CZB24

Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona. Wayesephuma uPetru nalo omunye umfundi, bafika ethuneni. Base begijima bobabili kanyekanye; kepha omunye umfundi wamgijima kakhulu uPetru, wafika kuqala ethuneni. Ekhothama elunguza, wabona izindwangu zelineni zikhona; nokho akangenanga. Khona uSimoni Petru wafika emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona; Neduku elalisekhanda lakhe, lingekho kanye nelineni, kodwa lisongiwe wodwa ndaweninye. Wasengena lalowo mfundi ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi babuyela ekhaya. Kepha uMariya wema ngaphandle ethuneni ekhala; Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? ufuna bani? Yena ecabanga ukuthi ngumphathi wensimu, wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele lapho ombeke khona, mina ngiyakumsusa; UJesu wathi kuye: Mariya. Waphenduka, wathi kuye: Raboni; okungukuthi: Mfundisi. UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu. UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi uyibonile iNkosi, nokuthi ikhulume lokho kuye. Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina. Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele; Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe. Kepha uTomase, omunye wabayishumi nambili, othiwa uDidimu, wayengekho kubo mhla efika uJesu. Ngakho abanye abafundi bathi kuye: Siyibonile iNkosi. Kodwa wathi kubo: Ngaphandle kokuthi ngibone ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, ngeke ngikholwe. Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina. Khona wathi kuTomase: Letha lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami, ungabi ngongakholwayo, kodwa okholwayo. UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami. UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, Tomasi, ukholiwe; Lezinye izibonakaliso ezinengi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiweyo kulugwalo. Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.

Funda Johane 20

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 20:1-31

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo