Johane 17:13-24

Johane 17:13-24 CZB24

Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso. Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni. Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso. Angiceleli laba bodwa, kodwa nalabo abayakukholwa yimi ngezwi labo; ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile. Nenkazimulo onginike yona ngibanikile bona; ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye; Mina ngikubo, lawe ukimi, ukuze bapheleliswe ebunyeni; ukuze izwe lazi ukuthi wena ungithumile, nokuthi ubathandile, njengalokho ungithandile mina. Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.

Funda Johane 17

Ividiyo ye- Johane 17:13-24