Johane 15:14-17

Johane 15:14-17 CZB24

Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho. Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona. Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. Nginiyala lezi zinto ukuba nithandane.

Funda Johane 15

Video for Johane 15:14-17