UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi, uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na? Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. Mina bengisazi ukuthi uyangizwa njalo, kodwa ngenxa yexuku elibemi khona ngitshilo, ukuze bakholwe ukuthi wena ungithumile. Esetshilo lokho wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Lazaru, phuma. Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, nobuso bakhe buboshwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, limyeke ahambe.
Funda Johane 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 11:40-44
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo