Ngokuba bhekani yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla engqondweni yenu. Anikalwi kuze kube segazini nilwa nesono. Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo; Ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo, ishaye yonke indodana eyamukelayo. Uma nibekezelela ukulaywa, uNkulunkulu uniphatha njengamadodana; ngoba yiyiphi indodana uyise angayilayayo? Kepha uma ningalaywa abahlanganyela kukho bonke, niyizigqila, anisiwo amadodana. Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na? Ngokuba bona basilaya izinsukwana njengokuthanda kwabo; kodwa yena kube yinzuzo yethu, ukuze sihlanganyele ubungcwele bakhe. Kepha ukujeziswa okwamanje akubonakali kuthokozisa, kodwa kubuhlungu
Funda KumaHeberu 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHeberu 12:3-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo