KumaHeberu 1:1-4

KumaHeberu 1:1-4 CZB24

UNkulunkulu owakhuluma endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi. Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe; Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu; enziwe waba ngcono kakhulu kunezingelosi, njengalokho ezuze ngefa igama elihle kakhulu kunelazo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 1:1-4