UGenesise 8:20-22

UGenesise 8:20-22 CZB24

UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare. INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile. Umhlaba usekhona, ukuhlwanyela nokuvuna, amakhaza, nokushisa, nehlobo, nobusika, nemini nobusuku, akuyikunqamuka.