UGenesise 4:3-8

UGenesise 4:3-8 CZB24

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi uKayini waletha umnikelo eNkosini evela ezithelweni zomhlabathi. U-Abela naye waletha amanye amazibulo ezimvu zakhe namanoni awo. UJehova wamnaka u-Abela nomhlatshelo wakhe. Kodwa akazange amnake uKhayini nomhlatshelo wakhe. UKayini wathukuthela kakhulu, ubuso bakhe bawa. INkosi yasisithi kuKayini: Uthukuthelelani? kungani ubuso bakho bunyukubele? Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe. UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 4:3-8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo