UEksodusi 30:22-29

UEksodusi 30:22-29 CZB24

Ngaphezu kwalokho, uJehova wakhuluma kuMose, wathi: Futhi zithathele izinongo eziphambili, amashekeli angamakhulu ayisihlanu emure elicwengekileyo, nesinamoni elimnandi ingxenye yalo, amashekeli angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekhalamu elimnandi amashekeli angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu; nekasiya amashekeli angamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele nehini lamafutha omnqumo; Kumelwe uwenze amafutha angcwele okugcoba, ingxube yokugcoba njengomsebenzi womkhanzi weziqholo; kuyakuba ngamafutha angcwele okugcoba. Ugcobe kanye nalo itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi; netafula, nezitsha zalo zonke, nothi lwesibani, nezitsha zalo, ne-altare lempepho; ne-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, nomcengezi nothi lwawo. Kumelwe uzingcwelise, ukuze zibe ngcwele kakhulu; konke okubathintayo kuyakuba ngcwele.