Wamnika nekhophi yombhalo womthetho owashiwo eShushani wokuba ababhujiswe, awubonise u-Esteri nokuwumemezela kuye nokumyala ukuba angene enkosini ayocela. Kuye nokunxusela abantu bakubo phambi kwakhe. UHathagi wafika wamtshela u-Esteri amazwi kaMoridekayi. U-Esteri wabuye wakhuluma kuHathagi, wamyala uMoridekayi; Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi yilowo nalowo, owesilisa noma owesifazane, oza enkosini egcekeni elingaphakathi, engabizwanga, kumthetho wakhe munye ukuba ambulale ukuze amiswe, ngaphandle kwalabo inkosi eyokwelulela kubo intonga yegolide, ukuze aphile; kepha mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini lezo zinsuku ezingamashumi amathathu. Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri. UMoridekayi wayeseyala ukuba kuphendulwe u-Esteri: “Ungacabangi ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunawo wonke amaJuda. Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na? U-Esteri wayesethi kuMoridekayi: Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha. UMoridekayi wahamba, wenza njengalokho u-Esteri emyalile.
Funda Esteri 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Esteri 4:8-17
3 Days
The plan hopes to highlight God’s heart for the down-trodden, underprivileged, victims of abuse and discrimination. The study hopes to challenge people to stop dignifying discrimination and to recognize attitudes and practices that are oppressive and contribute towards restoring people’s God-given dignity.
10 Days
What if we don’t have to travel far to get close to people who are distant from God? What if Christians were the best neighbors? Would your street change? Would heaven be fuller? A long time ago, a religious leader asked Jesus how to get into heaven. Jesus answered with a question, then the story of the Good Neighbor. No surprise, 2000 years later Jesus’ story still explains how to neighbor. Join Pastor Craig Groeschel and Life.Church in a practical, story-filled guide to meeting your neighbors and loving them as yourself. But don’t just read it—live it!
6 Days
What advice do a few lesser known biblical figures have to give Millennials and/or Gen Z-ers? Find out in this 6-day Bible Plan.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo