Umshumayeli 2:18-23

Umshumayeli 2:18-23 CZB24

Yebo, ngawuzonda wonke umshikashika wami engawenza phansi kwelanga, ngokuba bengiyakuwushiyela kumuntu oyakuba emva kwami. Ngubani owaziyo ukuthi uyakuba-hlakaniphile noma isiwula na? nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikashikayo nengihlakaniphe ngawo phansi kwelanga. Nalokhu kuyize. Ngakho ngahamba ukuze inhliziyo yami idangele ngenxa yawo wonke umshikashika engawenza phansi kwelanga. Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe usekuhlakanipheni, nangokwazi, nangobuqotho; kodwa kumuntu ongazange asebenze kukho, kumelwe akushiye njengesabelo sakhe. Nalokhu kuyize nobubi obukhulu. Ngokuba umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe nobuhlungu benhliziyo yakhe awushikashikeka phansi kwelanga na? Ngoba zonke izinsuku zakhe ziwusizi lomhelo; yebo, inhliziyo yakhe ayiphumuli ebusuku. Nalokhu kuyize.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Umshumayeli 2:18-23