UDuteronomi 13:1-3

UDuteronomi 13:1-3 CZB24

Uma kuvela phakathi kwenu umprofethi noma umphuphi wamaphupho, aninike isibonakaliso nesimangaliso, Kwase kwenzeka isibonakaliso nesimangaliso akhuluma ngaso kuwe, wathi: Masigijime silandele abanye onkulunkulu eningabazi, sibakhonze; Akumelwe nilalele amazwi alowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho, ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uyanivivinya ukuze azi uma nimthanda uJehova uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.