IzEnzo 4:15-31

IzEnzo 4:15-31 CZB24

Kodwa sebebalayile ukuthi baphume emphakathini, bacebisana bodwa. Besithi: Sizakwenzani kulababantu? Ngokuba isibonakaliso esiphawulekayo senziwe yibo kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema; futhi ngeke sikuphike. Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo. Base bababiza, babayala ukuthi bangakhulumi nakanye, bangafundisi ngegama likaJesu. Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Yahlulelani nina ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu. Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo. Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo. Ngokuba lowo muntu esenziwe kuye lesi sibonakaliso sokuphulukisa wayeneminyaka engaphezu kwamashumi amane. Sebekhululiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga ababekushilo kubo. Kwathi sebezwile baphakamisa ilizwi labo kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Nkosi, wena unguNkulunkulu owenzile izulu lomhlaba, lolwandle, lakho konke okukukho; owasho ngomlomo kaDavide inceku yakho ukuthi: ‘Kungani abezizwe baxokozele, nabantu bacabange okuyize, na? Amakhosi omhlaba asukuma, nababusi babuthana ndawonye ngokumelene neNkosi noKristu wayo. Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo; ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe. Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngesibindi sonke. Ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa; nokuthi izibonakaliso nezimangaliso zenziwe ngegama leNdodana yakho engcwele uJesu. Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.

Funda IzEnzo 4

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 4:15-31