IzEnzo 25:23-27

IzEnzo 25:23-27 CZB24

Ngangomuso u-Agripha esefikile noBernike ngokugabadela okukhulu, bangena endaweni yokulalela, nezinduna zenkulungwane nezinhloko zomuzi, ngomyalo kaFestu, uPawulu walethwa. UFestu wathi: “Nkosi Agripha, nani nonke madoda enikhona lapha kanye nathi, niyayibona le ndoda lonke uquqaba lwabaJuda eyenze kimina ngaye, eJerusalema nalapha, imemeza ngokuthi akufanele aphile futhi. Kodwa mina ngithole ukuthi akenzanga lutho olufanele ukufa, lokuthi yena ngokwakhe walidlulisela kuAwugusi, ngaquma ukumthuma. Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi yami. Ngakho-ke ngimethulile phambi kwenu, futhi ikakhulukazi phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi ngemva kokuhlolwa ngibe nakho engingakuloba. Ngokuba ngibona kungenangqondo ukuthumela isiboshwa, kungavezwa namacala aso.

Funda IzEnzo 25