Kwathi bedabula imizi, babanika izimiso ezamiswa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine. Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla. Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya; Sebefikile eMisiya balinga ukungena eBhithiniya, kodwa uMoya kabavumelanga. Sebedlula eMisiya behlela eTrowa. Kwabonakala umbono kuPawulu ebusuku; kwakumi indoda yaseMakedoniya, imncenga, ithi: Welela eMakedoniya, usisize.
Funda IzEnzo 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 16:4-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo