2 kuThimothewu 4:11-22

2 kuThimothewu 4:11-22 CZB24

NguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba uyasiza kimi enkonzweni. UThikhiku ngimthumele e-Efesu. Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu, ekufikeni kwakho, ulethe kanye nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba. U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe; Mqaphele nawe; ngoba umelane kakhulu lamazwi ethu. Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya; Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama. INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Khonzani koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu. U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula. Khuthalela ukufika ngaphambi kobusika. Uyakhonza kuwe u-Eubhulo, noPude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane. INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)