2 Samuweli 11:11-17

2 Samuweli 11:11-17 CZB24

U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto. UDavida wasesithi kuUriya: Hlala lapha lalamuhla, kusasa ngizakukhulula. U-Uriya wahlala eJerusalema ngalolo suku nangakusasa. UDavide wambiza, wadla, waphuza phambi kwakhe; wadakwa, kwathi kusihlwa waphuma ukuba alale embhedeni wakhe nezinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide walobela uJowabe incwadi, wayithumela ngesandla sika-Uriya. Waloba encwadini, wathi: “Mbekeni u-Uriya ngaphambili empini enzima kakhulu, nisuke kuye, ukuze ahlulwe, afe.” Lapho uJowabe ebona umuzi, wamqondisa u-Uriya endaweni azi ukuthi kukhona amadoda anesibindi. Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe, kwawa amadoda ezinceku zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 Samuweli 11:11-17