1 kuThimothewu 6:11-20

1 kuThimothewu 6:11-20 CZB24

Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma isivumo esihle phambi kofakazi abaningi. Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu; ukuze ugcine lomlayo ungelasici, ungelacala, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu; Eyakuyibonakalisa ngezikhathi zayo, obusisiweyo nowedwa uMbusi, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi; Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele; ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye; bazibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila okuphakade. Thimothi, gcina lokho okuphathisiweyo, uxwaye inkulumo eziyize leze, lokuphikisa okubizwa ngokuthi yisayensi engamanga