1 kwabaseThesalonika 2:11-20

1 kwabaseThesalonika 2:11-20 CZB24

Njengalokhu nazi ukuthi sasiniyala, siniduduza, siyala yilowo nalowo kini njengoyise ebantwaneni bakhe; ukuze nihambe ngokufanele uNkulunkulu owanibizela embusweni nasenkazimulweni yakhe. Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo. Ngokuba nina, bazalwane, naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu; ababulala iNkosi uJesu nabaprofethi babo, basizingela nathi; abamthokozisi uNkulunkulu, baphambene nabantu bonke; besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo; Kepha thina, bazalwane, njengokuba sasuswa kini isikhathi esifushane ebusweni, kungenganhliziyo, sakhuthalela kakhulu kakhulu ukubona ubuso benu ngokufisa okukhulu. Ngalokho besifisa ukuza kini, mina Pawulu, kanye nakabili; kodwa uSathane wasivimbela. Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na? Ngokuba nina niyinkazimulo nokuthokoza kwethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseThesalonika 2:11-20