Mayelana nezinto enaloba ngazo kimi, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane. Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. Indoda mayimnike okumfanele umkayo, kanjalo nomfazi endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa. Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu. Kodwa lokhu ngikutsho ngemvume, kayisikho ngomlayo. Ngokuba ngiyathanda ukuba bonke abantu babe njengami; Kodwa yilowo nalowo unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje. Ngakho ngithi kwabangashadile nakubafelokazi: Kuhle kubo, uma behlala njengami. Kepha uma bengenakuzibamba, mabashade, ngokuba kuhle ukuganwa kunokushiswa. Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda; Kepha uma ehlukana naye, akahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe, nendoda ingamlahli umkayo.
Funda 1 kwabaseKorinte 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 7:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo