Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo? Mina ngatshala, u-Apholo wanisela; kodwa uNkulunkulu wakhulisa. Ngakho-ke otshalayo kalutho, noniselayo kalutho; kodwa uNkulunkulu okhulisayo. Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe. Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga; Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo phezu kwalokho umi, uyakwamukeliswa umvuzo. Uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa nguye, kepha yena ngokwakhe uyakusindiswa; nokho kungathi ngomlilo.
Funda 1 kwabaseKorinte 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 3:5-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo