1 kwabaseKorinte 3:10-13

1 kwabaseKorinte 3:10-13 CZB24

Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga; Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani.