Kwabase Roma 4:16-25

Kwabase Roma 4:16-25 ZULUNT

Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke. (njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona. Owathi ngaphandle kwethemba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwoyo ukuthi: Iyakuba njalo inzalo yakho. Ngokuba engabuthakathaka ekukholweni, akawunakanga umzimba wakhe owawusufile, eseneminyaka engaba yikhulu, noma ukufa kwesizalo sikaSara; Akabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa; kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo; Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye; Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo; owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wabuye wavuswa ukuze silungisiswe.