IsAmbulo 18:21-24

IsAmbulo 18:21-24 ZULUNT

Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. Izwi lababetha amahabhu, nabahlabeleli, nabashaya imitshingo, nabamacilongo alisayikuzwakala kuwe nakanye; kayisayikutholwa kuwe ngcweti yanoma yimuphi umsebenzi oyiwo; umsindo wetshe lokugaya awusayikuzwakala kuwe nakanye; Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe. Kuyo kwafunyanwa igazi labaprofethi, nelabangcwele, nelabo bonke ababulawa emhlabeni.