Kwabase-Filipi 4:10-13

Kwabase-Filipi 4:10-13 ZULUNT

Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso. Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Filipi 4:10-13