UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye. Umoya wakhala, wamdwengula kabuhlungu, waphuma kuye; baze bathi: Ufile. Kodwa uJesu wambamba ngesandla, wamsukumisa; wasukuma. Esengene endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na? Wathi kubo: Loluhlobo alunakuphuma ngalutho, kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla.
Funda Marku 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 9:25-29
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo