Kwavuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza ashaya umkhumbi, waze wasugcwele. Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na? Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo? Basesaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Ubani lo, ukuthi nomoya nolwandle kumlalele?
Funda Marku 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 4:37-41
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo