Marku 1:1-20

Marku 1:1-20 ZULUNT

Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu; njengokulotshiweyo kubaprofethi ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho. Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. UJohane wabhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono. Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; wadla izinkumbi nezinyosi zasendle; Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. Kwathi ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo. Masinyane uMoya wamqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; futhi wayekanye nezilwane zasendle; izingelosi zamkhonza. Kwathi uJohane esebotshiwe, uJesu wafika eGalili, etshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu; Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli. Esahamba ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni, ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha abo, bamlandela. Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.

Funda Marku 1

Ividiyo ye- Marku 1:1-20

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 1:1-20