Mathewu 9:18-31

Mathewu 9:18-31 ZULUNT

Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile; Wasuka uJesu, wamlandela, nabafundi bakhe. Bheka, kwafika emva kwakhe owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, wathinta umphetho wengubo yakhe; Ngoba wayesithi phakathi kwakhe: Uba ngingathinta nje isembatho sakhe, ngizasinda. Kepha uJesu waphenduka wambona wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Owesifazane wasinda kusukela kulelo hora. Kwathi uJesu efika endlini yombusi, ebona abezihabhu lexuku lixokozela; Wathi kubo: Sukani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele. Bamhleka usulu. Kodwa kwathi ixuku selikhitshiwe, wangena, wayibamba ngesandla, yasivuka intombazana. Udumo lwalokhu lwanda ezweni lonke. UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide! Esengene endlini, izimpumputhe zeza kuye; uJesu wathi kuzo: “Niyakholwa ukuthi ngingakwenza lokhu na? Basebesithi kuye: Yebo, Nkosi. Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu. Asevuleka amehlo abo; uJesu wazilaya kakhulu, wathi: Qaphelani kungaziwa muntu. Kodwa sezihambile zalusakaza udumo lwakhe kulo lonke lelo zwe.

Funda Mathewu 9

Ividiyo ye- Mathewu 9:18-31